UJobe 13 - isiZulu 1959/1997

Inkulumo kaJobe isaqhubeka: uNkulunkulu uqobo lwakhe makasho ukuthi uJobe woneni

1“Bheka, iso lami libone konke;

indlebe yami ikuzwile, yakuqonda.

2 Enikwaziyo ngiyakwazi nami;

angahlulwa yinina.

3Kepha ngiyakukhuluma kuSomandla;

ngifuna ukuphikisana noNkulunkulu.

4 Kepha ningabaqambimanga;

niyizinyanga ezingelutho nonke.

5 Sengathi ningathula nokuthula,

lokho kube ngukuhlakanipha kini.

6Ake nizwe ukuthetha kwami,

niqaphele ukuzivikela kwezindebe zami.

7Niyakumkhulumela uNkulunkulu ngokubi,

nimkhulumele ngenkohliso, na?

8Niyakubuvuma ubuso bakhe,

nimmele uNkulunkulu, na?

9 Kuhle yini, lapho eniphendla?

Njengalokhu umuntu ekhohliswa niyakumkhohlisa na?

10Uyakunisola nokunisola,

uma nivuna ubuso ngasese.

11Ubukhulu bakhe abuyikunethusa,

nengebhe ngaye inehlele, na?

12Izikhumbuzo zenu ziyizaga zomlotha;

izivikelo zenu ziyizivikelo zebumba.

13“Thulani, ningiyeke ukuba ngikhulume,

kungehlele noma yini.

14 Bengiyakuyithathelani inyama yami ngamazinyo ami,

ngibeke ukuphila kwami esandleni sami, na?

15Bheka, uyakungibulala,

anginathemba;

nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.

16 Lokhu kuyakuba yinsindiso yami

ukuthi ongenaNkulunkulu akezi phambi kwakhe.

17Zwisisani amazwi ami,

ukusho kwami kube sezindlebeni zenu.

18Bhekani-ke, sengilungisile ukwahlulelwa kwami;

ngiyazi ukuthi ngiyakuthethwa mina.

19Ngubani oyakuphikisana nami na?

Ngokuba lapho bengiyakuthula,

ngigqabuke.

20Izinto ezimbili kuphela ungazenzi kimi,

ngize ngingacasheli ubuso bakho:

21 masingasondeli kimi isandla sakho,

ngingethuswa yingebhe ngawe.

22Khona mawubize, mina ngiyakuphendula,

noma kukhulume mina,

wena ungiphendule.

23Iziphambeko zami nezono zami zingakanani na?

Ngazise izeqo zami nezono zami.

24 Usithelani ubuso bakho,

ungishaye isitha, na?

25Uyakwethusa iqabunga eliphephethwayo,

uxoshe amabibi awomileyo, na?

26 Ngokuba uloba okumunyu ngami,

ungidlisa ifa lobubi bobusha bami;

27 ufaka izinyawo zami ezingongolweni,

uqaphela zonke izindlela zami,

uzidwebela umudwa ngasematheni ezinyawo zami,

28 noma nginyamalala njengokubolayo,

njengengubo edliwe yizinundu.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help