UZakariya 5 - isiZulu 1959/1997

Umqulu wencwadi ondizayo

1Ngabuye ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nanko umqulu wencwadi ondizayo.

2Yathi kimi: “Ubonani na?”

Ngathi: “Ngibona umqulu wencwadi ondizayo, ubude bawo buyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi bawo buyizingalo eziyishumi.”

3 Yayisithi kimi: “Nasi isiqalekiso esiphumela ebusweni bomhlaba wonke, ngokuba ngokusho kwaso bonke abebayo bayakunqunywa lapha, nabo bonke abafungayo bayakunqunywa lapha ngokusho kwaso.

4‘Ngiyakusiphumisa,’ usho uJehova Sebawoti, ‘singene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami, sihlale phakathi kwendlu yakhe, siyiqede kanye nemithi yayo namatshe ayo.’ ”

Owesifazane ose-efeni*

5Yayisiphuma ingelosi eyayikhuluma nami, yathi kimi: “Ake uphakamise amehlo akho, ubone ukuthi kuyini lokhu okuphumayo.”

6Ngathi: “Kuyini?”

Yathi: “Lokhu kuyi-efa* eliphumayo.” Yabuye yathi: “Lokhu kungububi babo ezweni lonke.”

7Bheka, isisibekelo somthofu saziphakamisa, kwakungowesifazane owahlala phakathi kwe-efa.

8Yathi: “Lokhu kungububi.” Wamphonsa phakathi kwe-efa, waphonsa isisindo somthofu emlonyeni walo.

9Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwaphuma abesifazane ababili, umoya usemaphikweni abo; babe namaphiko njengamaphiko kanogolantethe, baliphakamisa i-efa emkhathini wezulu nomhlaba.

10Ngase ngithi kuyo ingelosi eyayikhuluma nami: “Laba baliyisaphi i-efa na?”

11Yathi kimi: “Ukulakhela indlu ezweni laseShineyari; isilungisiwe liyakubekwa khona endaweni yalo.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help