UJoshuwa 16 - isiZulu 1959/1997

Isabelo sabantwana bakwaJosefa, ikakhulu esabakwa-Efrayimi

1Isabelo sabantwana bakwaJosefa sasuka eJordani ngaseJeriko emanzini aseJeriko ngasempumalanga, ihlane elenyuka eJeriko ezintabeni ukuya eBethele;

2 saphuma eBethele, saya eLuze, sadlula saya emkhawulweni wama-Araki ngase-Atharoti;

3sehlela ngasentshonalanga emkhawulweni wamaJafeleti kuze kube semkhawulweni weBeti Horoni laseNzansi naseGezeri; ukuphuma kwaso kwakuselwandle.

4Abantwana bakwaJosefa, oManase no-Efrayimi, base belidla ifa labo.

5Umkhawulo wabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo wawunje: umkhawulo wefa labo ngasempumalanga wawuyi-Atharoti Adari kuze kube seBeti Horoni laseNhla;

6umkhawulo waphuma ngasentshonalanga ngaseMikemetha ngasenyakatho; umkhawulo wawusujika ngasempumalanga, waya eTawanati Shilo, walidlula ngasempumalanga kwaseJanowa;

7wehla eJanowa, waya e-Atharoti naseNahara, wafika eJeriko, waphumela eJordani.

8Kusukela eTaphuwa umkhawulo waya ngasentshonalanga, wafika emfudlaneni iKhana; ukuphuma kwawo kwakuselwandle. Lelo liyifa lesizwe sabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo

9 kanye nemizi eyahlukaniselwa abantwana bakwa-Efrayimi phakathi kwefa labantwana bakwaManase, yonke imizi nemizana yayo.

10 Kodwa abawaxoshanga amaKhanani ahlala eGezeri, kepha amaKhanani ahlala phakathi kuka-Efrayimi kuze kube namuhla, aba yizinceku zokusebenza.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help