UHoseya 4 - isiZulu 1959/1997

Ukusolwa kwabantu bakwa-Israyeli

1Yizwani izwi likaJehova

nina bantwana bakwa-Israyeli,

ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni,

lokhu kungekho qiniso, namusa,

nakumazi uNkulunkulu ezweni.

2 “Kukhona ukufunga nokuqamba amanga,

nokubulala, nokweba, nokuphinga;

bayafohla, izingazi zilandele izingazi.

3 Ngalokho izwe liyakudabuka,

bonke abakhe kulo badangale kanye nezilwane zasendle

nezinyoni zezulu;

yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.

4“Makungabikho ophikisana nomunye,

asole omunye;

nokho abantu bakho bayakuphikisana nabapristi.

5Mpristi, uyakukhubeka emini,

kukhubeke umprofethi kanye nawe ebusuku;

nonyoko ngiyakumbhubhisa.

6 Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi;

ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena,

ungabi ngumpristi wami;

lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho

nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.

7Njengokwanda kwabo,

kanjalo bona kimi;

udumo lwabo ngiyakulwenana ngehlazo.

8Badla izono zabantu bami,

babhekisa umphefumulo wabo ebubini babo.

9 Kuyakuthi njengabantu abe njalo umpristi:

ngiyakubahambela ngenxa yezindlela zabo,

ngibuyisele kubo izenzo zabo.

10 “Bayakudla, bangasuthi kodwa;

bayakufeba, bangandi kodwa,

ngokuba bayekile ukumnakekela uJehova.

11 Ubufebe newayini newayini elisha kususa umqondo.

12 Abantu bami babuza emthini,

induku yabo ibatshele,

ngokuba umoya wobufebe ubadukisile,

basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngokufeba.

13 Bayahlabela eziqongweni zezintaba,

bashisa impepho emagqumeni,

phansi kwama-oki* nemipopula* nemitherebinte,*

ngokuba umthunzi wakho muhle;

kungalokho amadodakazi enu ayafeba,

nawomakoti benu bayaphinga.

14 “Angiyikuwajezisa amadodakazi enu,

lapho efeba,

nawomakoti benu lapho bephinga,

ngokuba namadoda achezukela iziphingi,

ahlaba kanye nezifebe zethempeli.

Kanjalo abantu abangenangqondo bayakuwiswa.

15 “Noma wena Israyeli ufeba,

uJuda makangazitholeli icala;

ningayi eGiligali,

ningenyukeli eBeti Aveni,

ningafungi ngokuthi:

‘Kuphila kukaJehova.’

16Ngokuba u-Israyeli unenkani njengesithole;

uJehova angabelusa njengemvana endaweni ebanzi na?

17U-Efrayimi uhlangene nezithombe;

myeke.

18Ukuphuza kwabo sekuphelile;

bayafeba nokufeba;

izikhulu zabo zithandisisa ihlazo.

19Umoya ubasongile ngamaphiko awo;

bayakujabha ngemihlatshelo yabo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help