AmaHubo 11 - isiZulu 1959/1997

UJehova uyisiphephelo nomvikeliKumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1Ngiyaphephela kuJehova;

nisho kanjani kuwo umphefumulo wami ukuthi:

“Balekela entabeni yenu njengenyoni, na?

2 Ngokuba bhekani,

ababi bawunsala umnsalo wabo,

babeka imicibisholo yabo entanjeni

ukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.

3Nxa izisekelo zidilizwa,

olungileyo angenzani na?”

4 UJehova usethempelini lakhe elingcwele,

uJehova, isihlalo sakhe sobukhosi sisezulwini;

amehlo akhe ayabuka,

izinkophe zakhe ziyahlola abantwana babantu.

5 UJehova uyamhlola olungileyo;

kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu

umphefumulo wakhe uyamzonda.

6 Unisa izihibe phezu kwababi;

umlilo nesibabule nomoya oshisayo

kuyisabelo sendebe yabo.

7 Ngokuba uJehova ulungile,

uyathanda ukulunga;

oqotho uyakubheka ubuso bakhe.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help