U-Amose 7 - isiZulu 1959/1997

Umbono ngezinkumbi

1INkosi uJehova yangibonisa kanje: bheka, yayenza isikhonyane ekuqaleni kokumila kotshani bamuva; bheka, kwakungutshani bamuva emva kokusika kwenkosi.

2Kwathi lapho sesidlile utshani bezwe, ngathi: “Nkosi Jehova, ake uthethelele; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.”

3UJehova wazisola ngalokhu. “Akuyikubakho,” usho uJehova.

Umbono ngomlilo eqedayo

4Yayisingibonisa kanje iNkosi uJehova: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; wadla utwa olukhulu, wawusuyakudla futhi isabelo sikaJehova.

5Ngase ngithi: “Nkosi Jehova, mawuyeke; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.”

6UJehova wazisola ngalokhu. “Akuyikubakho,” isho iNkosi uJehova.

Umbono ngentambo yomthofu

7 Wayesengibonisa kanje: bheka, iNkosi yayimi ngasogangeni olwakhiwe ngentambo yomthofu wokumisa, enentambo yomthofu wokumisa esandleni sakhe.

8 UJehova wathi kimi: “Amose, ubonani na?”

Ngathi: “Intambo yomthofu wokumisa.”

Yayisithi iNkosi: “Bhekani, ngiyakubeka intambo yomthofu wokumisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli; angisayikubadlula.

9 “Izindawo eziphakemeyo zika-Isaka ziyakuchithwa,

nezindlu ezingcwele zakwa-Israyeli ziyakuqothulwa,

ngivukele indlu kaJerobowamu ngenkemba.”

O-Amasiya no-Amose

10U-Amasiya umpristi waseBethele wayesethumela kuJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “U-Amose ukwenzele ugobe phakathi kwendlu yakwa-Israyeli; izwe alinakuthwala onke amazwi akhe.

11Ngokuba u-Amose ushilo kanje, wathi:

“UJerobowamu uyakufa ngenkemba,

u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.”

12 U-Amasiya wayesethi ku-Amose: “Wena mboni, hamba, ubalekele ezweni lakwaJuda, udle khona isinkwa, uprofethe khona;

13ungabe usaqhubeka kodwa ukuprofetha eBethele, ngokuba liyindlu engcwele yenkosi nendlu yombuso.”

14 Wayesephendula u-Amose, wathi ku-Amasiya: “Angisiye umprofethi mina, nendodana yomprofethi angisiyo, kepha ngangingumalusi, ngangitshala imithombe.

15Kepha uJehova wangisusa ekulandeleni umhlambi; uJehova wathi kimi: ‘Hamba uprofethe kubantu bami u-Israyeli.’

16Manje yizwa izwi likaJehova lokuthi: Wena uthi:

“ ‘Ungaprofethi ngo-Israyeli,

ungaconsisi izwi lakho phezu kwendlu ka-Isaka.’

17 “Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:

“ ‘Umkakho uyakufeba emzini,

namadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba,

nezwe liyakudatshulwa ngentambo;

wena uyakufela ezweni elingcolileyo,

u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.’ ”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help