AmaHubo 116 - isiZulu 1959/1997

Ukudumisa kosindisiweyo

1 Ngiyamthanda uJehova,

ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.

2Ngokuba ubekile indlebe kimi

ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami.

3 Izintambo zokufa zangizungeza,

nobuhlungu bendawo yabafileyo bangibamba;

ngafumana ukuhlupheka nosizi.

4Kepha ngabiza igama likaJehova, ngathi:

“Ngiyakuncenga, Jehova,

khulula umphefumulo wami.”

5Unomusa uJehova, ulungile;

uNkulunkulu wethu unobubele.

6UJehova uyalondoloza ongenabuqili;

ngithotshisiwe phansi wangisindisa.

7 Buyela ekuphumuleni kwakho, mphefumulo wami,

ngokuba uJehova ukuphathe ngomusa.

8 Yebo, ukhululile umphefumulo wami ekufeni,

amehlo ami ezinyembezini,

nezinyawo zami ekuweni.

9Ngiyakuhamba ebusweni bukaJehova ezweni labaphilayo.

10 Ngiyakholwa,

ngalokho ngiyakhuluma;

ngahlushwa kakhulu.

11 Ngathi osizini lwami:

“Bonke abantu banamanga.”

12Ngiyakubuyiselani kuJehova

ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle kimina na?

13Ngiyakuthatha indebe yensindiso,

ngibize igama likaJehova.

14 Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisa,

yebo, nasebusweni babantu bakhe bonke.

15 Kuyigugu emehlweni kaJehova

ukufa kwabangcwele bakhe.

16Ngiyinceku yakho impela, Jehova;

ngiyinceku yakho,

indodana yencekukazi yakho;

uthukululile izintambo zami.

17Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga,

ngibize igama likaJehova.

18Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisa

yebo, nasebusweni babantu bakhe bonke,

19emagcekeni endlu kaJehova,

phakathi kwakho, Jerusalema.

Haleluya!

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help