1 kwabaseThesalonika 1 - isiZulu 1959/1997

Isibingelelo

1 OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu uBaba, naseNkosini uJesu Kristu: Makube kini umusa nokuthula.

UPawulu ubonga ukuqala kwabo okuhle ekukholweni; wethemba ukukhethwa kwabo ngevangeli eliqinisileyo abalamukele

2 Sibonga uNkulunkulu njalo ngani nonke, siniphatha emikhulekweni yethu,

3 sikhumbula ngokungayeki isenzo senu sokukholwa, nomsebenzi wothando, nokukhuthazela kwethemba lenu eliseNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu,

4 sikwazi, bazalwane abathandiwe nguNkulunkulu, ukukhethwa kwenu

5 ukuthi ivangeli lethu alizanga kini ngezwi kuphela kodwa nangamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu, njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu ngenxa yenu.

6 Nani naba ngabalingisi bethu, nabeNkosi senilamukele izwi ekukhathazekeni okukhulu ngokuthokoza kukaMoya oNgcwele,

7 naze naba yisibonelo kubo bonke abakholwayo eMakedoniya nase-Akhaya.

8 Ngokuba udumo lwezwi leNkosi lwaphuma kinina, lwafika, angisho eMakedoniya nase-Akhaya kuphela, kepha ezindaweni zonke lapho ukukholwa kwenu nguNkulunkulu kuphumele khona; ngakho asisadingi ukukhuluma lutho.

9 Ngokuba bona uqobo balanda ngathi ukuthi kwaba njani ukungena kwethu kinina nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, nishiya izithombe, ukuba nikhonze uNkulunkulu ophilayo oweqiniso,

10 nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osihlangulisa olakeni oluzayo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help