AmaHubo 26 - isiZulu 1959/1997

Umkhuleko wohlushwa engenacalaElikaDavide.

1 Ngahlulele, Jehova,

ngokuba ngihamba ekulungeni kwami;

ngithemba uJehova, angiyikuntenga.

2 Ngivivinye, Jehova, ungilinge;

hlolisisa izinso zami nenhliziyo yami.

3Ngokuba ububele bakho buphambi kwamehlo ami;

ngihamba eqinisweni lakho.

4 Angihlali nabantu bamanga,

angihambelani nezimbulu.

5 Ngiyawuzonda umhlangano wabenza okubi,

angihlali nababi.

6 Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala,

ngizungeza i-altare lakho, Jehova,

7 ukuba ngizwakalise izwi lokudumisa,

ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho.

8 Jehova, ngiyayithanda inkundla yendlu yakho

nendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho.

9 Ungamukisi umphefumulo wami kanye nezoni

nokuphila kwami kanye nabantu begazi

10abanehlazo ezandleni zabo,

nesokunene sabo sigcwele izipho zenkohliso.

11Kepha mina ngihamba ekulungeni kwami;

ngihlenge, ube nomusa kimi.

12 Unyawo lwami lumi ebaleni;

ngizakudumisa uJehova emihlanganweni.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help