UJobe 36 - isiZulu 1959/1997

U-Elihu uthi: UNkulunkulu ufuna kuphela ukuba isoni siphenduke

1U-Elihu waqhubeka wathi:

2“Ngihlalele kancane, ngiyakukubonisa,

ngokuba ngisenamazwi okummela uNkulunkulu.

3Ngiyakulanda kude ulwazi lwami,

nginike uMenzi wami ukulunga.

4Impela amazwi ami awasiwo amanga;

unawe ophelele ekwazini.

5“Bheka, uNkulunkulu unamandla,

kepha kadeleli muntu;

mkhulu emandleni okuqonda.

6Akenzi ukuba omubi aphile,

kepha abampofu uyabanika ukwahlulelwa.

7 Akabuyisi amehlo akhe kwabalungileyo,

kepha ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi,

baphakame kuze kube phakade.

8Uma beboshwa ngamaketanga,

babanjwe ngezintambo zokuhlupheka,

9uyababonisa izenzo zabo

neziphambeko zabo zokuthi baziphakamisile.

10 Uyavulela izindlebe zabo ukulaywa,

asho ukuba babuye ebubini.

11 Uma belalela, bamkhonze,

bayakuqeda imihla yabo ebuhleni

neminyaka yabo kukho okumnandi.

12Kepha uma bengalaleli,

bayakuphela ngenkemba,

bafe bengenalwazi.

13“Abangesabi ngenhliziyo baqongelela ulaka;

abakhali lapho ebabopha.

14Bafa besebasha,

ukuphila kwabo kube njengokwezifebe zethempeli.

15Ukhulula ompofu ngobumpofu bakhe,

avule indlebe yabo ngokuhlupheka.

16 “Yebo, nga ekuvusa ukuba uphume emlonyeni wosizi,

uye endaweni ebanzi,

lapho kungekho kunyinyeka khona,

kunone okubekwa etafuleni lakho.

17Kepha ugcwele ukwahlulelwa kwababi;

ukwahlulela nokulunga kuyakubamba.

18Xwaya ukuba ulaka lungakuvusi usashaywa,

ungachezukiswa ngobuningi bamahlawulo.

19Ukukhala kwakho kungakusiza ukuba ungahlali osizini,

nazo zonke izikhwepha zamandla akho, na?

20 Ungafisi ubusuku,

lapho abantu beyakususwa ezindaweni zabo.

21Xwaya ukuba ungabhekisi ubuso bakho ebubini,

ngokuba ukhethile lokho kunokuhlupheka.

22“Bheka, uNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe;

ngubani ofundisa njengaye na?

23 Ngubani ommisele indlela yakhe na?

Ngubani ongasho ukuthi:

‘Wenzile okubi,’ na?

24Khumbula ukukhulisa izenzo zakhe

abahlabelela ngazo abantu.

25 Bonke abantu bayazibona;

abokufa bayazibuka besekude.

26 Bheka, uNkulunkulu uphakeme,

asimqondi;

umumo weminyaka yakhe ayinakuphenywa.

27 “Wenyusa amathonsi amanzi,

abuye awathulule njengemvula enkungwini yakhe;

28amafu awenza ukuba aconse,

awathele phezu kwabantu abaningi.

29Ukhona ongaqonda ukwenekeka kwamafu

nokuduma kwedokodo lakhe na?

30Bheka, uyasakaza ukukhanya kwakhe ngakuye;

uyasibekela ubuphansi bolwandle.

31Ngokuba ngalokho uyabahlulela abantu,

aphane kakhulu ngokudla.

32Uyasibekela izandla zakhe ngokukhanya,

akuyale ukuba kushaye isigcibisholo.

33Umsindo wakhe ulanda ngaye oshisekela ububi ngentukuthelo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help