2 kuThimothewu 4 - isiZulu 1959/1997

UThimothewu uyalwa ukuba aqine

1 Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu oyakwahlulela abaphilayo nabafileyo nangokubonakala kwakhe nombuso wakhe, ngithi:

2 Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.

3 Ngokuba kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo,

4 bafulathelise izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni.

5 Kepha wena, qonda ezintweni zonke, ubekezele ekuhluphekeni, wenze umsebenzi womvangeli, ufeze ukukhonza kwakho.

6 Ngokuba mina sengiyanikelwa, nesikhathi sokumuka kwami sesifikile.

7 Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa;

8 sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.

UThimothewu ucelwa ukuba afike kuPawulu

9 Shesha uze kimi masinyane.

10 Ngokuba uDema wangishiya ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreste waya eGalathiya, uThithu eDalmathiya;

11 nguLuka yedwa onami. Thatha uMarku, uze naye, ngokuba unosizo kimi ekukhonzeni.

12 UThikhiku sengamthuma e-Efesu.

13Ijazi engalishiya eTrowa kuKarpu woliphatha, nxa uza, nezincwadi, ikakhulu ezesikhumba.

14 U-Aleksandru, umkhandi wethusi wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakumbuyisela ngokwemisebenzi yakhe;

15umxwaye nawe, ngokuba wamelana kakhulu namazwi ethu.

16 Ekuziphenduleleni kwami kokuqala kwakungekho muntu ongimelayo, kepha bonke bangishiya; makungabalelwa kubo lokho;

17 kodwa iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, nabezizwe bonke bezwe; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama.

18 INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.

Isigcino

19 Khonza koPriska no-Akwila nendlu ka-Onesiforu.

20 U-Erastu wasala eKorinte, kepha uTrofimu ngamshiya eMilethu egula.

21Shesha ufike, kungakangeni ubusika. Bakhonza kuwe o-Evubulu, noPhude, noLinu, noKlawudiya, nabo bonke abazalwane.

22INkosi mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help