UMika 2 - isiZulu 1959/1997

Ukuxwayiswa kwabacindezeli

1 Wo! kwabaceba ububi,

benze okubi emibhedeni yabo!

Ekukhanyeni kokusa bayakwenza,

ngokuba kusemandleni ezandla zabo.

2 Bafisa amasimu, bawadluzule,

nezindlu, bazisuse;

bacindezela indoda nendlu yayo,

umuntu nefa lakhe.

3Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:

“Bhekani, ngiceba okubi ngalo mndeni,

eningayikukhipha kukho izintamo zenu;

futhi ningahambi ngokuzidla,

ngokuba lokhu kuyisikhathi esibi.

4 Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani,

bakhale isililo, bathi:

‘Sichithiwe nokuchithwa;

isabelo sabantu bami sinikwa omunye;

yeka ukubuya kwakhe kimi;

abahlubuki babelwa amasimu ethu.’ ”

5Ngalokho akuyikubakho ophonsa intambo ngenkatho

ebandleni likaJehova.

6 “Ningaprofethi,” baprofetha,

basho njalo,

“ningaprofethi ngalokho;

ihlazo aliyikusifica.”

7Kuyakushiwo, nina ndlu kaJakobe,

ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile;

yizenzo zakhe lezi na?

“Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho?

8Kepha kade bevukile abantu bami baba yizitha;

nihlubula ingubo esambathweni sabadlula ngethemba,

befulathele ukulwa.

9Niyaxosha abesifazane babantu bami ezindlini zokuthokoza kwabo,

nisusa ezinganeni zabo ubukhosi bami kuze kube phakade.

10 Sukumani nihambe,

ngokuba lokhu akusikho ukuphumula kwenu;

ngenxa yabayingcosana niyachitha ngokuchitha okunamandla.

11 Uma bekuhambahamba umuntu

okhuluma umoya nje namanga, athi:

‘Ngiyakuprofetha kuwe ngewayini nangophuzo olunamandla,’

ubeyakuba ngumprofethi walaba bantu.

12 “Ngiyakukubutha, Jakobe, wonke wakho;

ngiyakuqoqa nokuqoqa insali yakwa-Israyeli;

ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira,

njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo,

kwenziwe ukukhamuluka okuvela kubantu.

13 Umfohli ukhuphuka ngaphambi kwabo;

sebefohlile, badlulela esangweni,

baphuma ngalo;

inkosi yabo idlulile phambi kwabo,

noJehova usesihlokweni sabo.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help