IzAga 17 - isiZulu 1959/1997

1 Umthamo owomileyo kanye nokuthula ungcono

kunendlu egcwele okuhlatshiweyo kanye nokuxabana.

2Inceku eqondileyo iyabusa phezu kwendodana ehlazisayo;

iyakudla ifa phakathi kwezelamani.

3 Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva,

nesithando ngesegolide,

kepha ovivinya izinhliziyo nguJehova.

4Owenza okubi uqaphela izindebe zokona,

nomqambimanga ubeka indlebe olimini olubi.

5 Oklolodela ompofu usola uMenzi wakhe,

nothokoza ngengozi akayikuyekwa.

6Abantwana babantwana bangumqhele wabadala,

nodumo lwabantwana lungoyise.

7Izindebe ezinobungcweti azifanele isiwula;

kakhulu kangakanani umlomo wamanga isikhulu.

8 Isipho sinjengetshe elinqabileyo emehlweni omninilo:

noma ebhekaphi, uyaphumelela.

9 Osibekela isiphambeko ufuna uthando,

kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo.

10 Insolo ingena koqondileyo

kunemivimbo eyikhulu koyisiwula.

11Omubi ufuna ukuhlubuka kuphela;

ngalokho kuyakuthunyelwa kuye isithunywa esinonya.

12Umuntu makahlangane nebhere* elaphuciwe amawundlu alo

kunesiwula ebuwuleni baso.

13 Ophindisela okuhle ngokubi,

ububi abuyikusuka endlini yakhe.

14Ukuqala kokuxabana kunjengokuvula amanzi;

ngalokho yeka inkani, ingakashisi.

15 Othetha omubi nolahla olungileyo

bayisinengiso kuJehova bobabili.

16Yini ukuba kube yimali esandleni

sesiwula ukuthenga ukuhlakanipha,

kungekho ukuqonda, na?

17 Umngane uthanda ngezikhathi zonke,

nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.

18 Umuntu oswela ingqondo unikana nomunye izandla,

abe yisibambiso phambi komakhelwane wakhe.

19 Othanda ukuxabana uthanda isiphambeko;

owenza umnyango wakhe ukuba uphakame ufuna ukubhujiswa.

20Onenhliziyo ephambeneyo akafumani okuhle;

onolimi oluyisigwegwe uwela engozini.

21 Ozala isiwula kulusizi kuye;

uyise wesiwula akathokozi.

22 Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,

kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.

23 Omubi uyamukela umvuzo okhishwa esifubeni

ukuba aphambukise izindlela zokwahlulela.

24 Ukuhlakanipha kuphambi koqondileyo,

kepha amehlo esiwula asemikhawulweni yomhlaba.

25 Indodana eyisiwula ilusizi kuyise

nokubaba kowayizalayo.

26Ukuhlawulisa olungileyo akukuhle,

nokushaya abaqotho akulungile.

27 Obamba amazwi akhe unokwazi;

onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo.

28Nesiwula lapho sithule kuthiwa isihlakaniphi;

ovala umlomo wakhe ungoqondileyo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help