IzAga 5 - isiZulu 1959/1997

Uthando olungcolileyo

1Ndodana yami, lalela ukuhlakanipha kwami,

ubeke indlebe yakho ekuqondeni kwami

2ukuba ugcine amasu,

nezindebe zakho zilonde ukwazi.

3 Ngokuba izindebe zowesifazane ondindayo ziconsa izinyosi;

umlomo wakhe ubushelezi kunamafutha.

4Kepha ekugcineni umunyu njengomhlonyane,

ubukhali njengenkemba enezinhlangothi ezimbili.

5 Izinyawo zakhe ziyehlela ekufeni;

izinyathelo zakhe zibambelela endaweni yabafileyo.

6Akanaki umkhondo wokuphila;

imikhondo yakhe iyaguquguquka,

engazi.

7Ngalokho, madodana ami, ngizweni,

ningachezuki emazwini omlomo wami.

8Dedisela kude naye indlela yakho,

ungasondeli emnyango wendlu yakhe,

9funa unike abanye udumo lwakho,

naye ononya iminyaka yakho,

10funa abezizwe basuthe ngamandla akho,

umshikashika wakho ube sendlini yomfokazi,

11uze ububule ekugcineni,

lapho umzimba wakho nenyama yakho kuqediwe,

12ngokuthi: “Yeka ukuzonda kwami ukulaywa

nokudelela kwenhliziyo yami ukusolwa!

13Angilalelanga izwi labafundisi bami,

angibekanga indlebe yami kubo abangifundisayo.

14 Ngacishe ngaba sebubini bonke

phakathi kwebandla nasemhlanganweni.”

15Phuza amanzi emgodini wakho,

amanzi agobhozayo emthonjeni wakho.

16Imithombo iyaphalala ngaphandle yini,

nemifula yamanzi ezigcawini, na?

17Mayibe ngeyakho wena wedwa,

ingabi ngeyabafokazi kanye nawe.

18 Mawubusiswe umthombo wakho,

uthokoze ngomfazi wobusha bakho.

19Uyindluzelekazi ethandayo negogokazi elihle;

amabele akhe mawakudelise ngesikhathi sonke,

weqiwe njalo luthando lwakhe.

20Ubuyakweqelwani ngowesifazane ondindayo, ndodana yami,

ugone isifuba somfokazi, na?

21 Ngokuba izindlela zomuntu

ziphambi kwamehlo kaNkulunkulu;

uyenza yonke imikhondo yakhe ukuba ilingane.

22 Omubi uyakubanjwa ngububi bakhe,

abhajwe ngezintambo zezono zakhe.

23Uyakufa yena ngokuswela ukulaywa,

nangobuningi bobuwula bakhe uyakuduka.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help