1Ukuhlakanipha kwakhile indlu yakho;
kuzibazile izinsika zakho eziyisikhombisa.
2Kuhlabile umhlatshelo,
kuvubele iwayini lakho;
futhi kulungisile itafula lakho.
3Kuthumile izintombi zakho, kuyamema
emagqumeni aphakemeyo omuzi, kuthi:
4“Ongenalwazi makaphambukele lapha,”
kongenangqondo kuthi:
5“Wozani nidle isinkwa sami,
niliphuze iwayini engilivubeleyo.
6Yekani ubuwula, niphile,
nihambe ngendlela yokuqonda.
7 “Osola isideleli uzithathela inhlamba;
othethisa omubi uzitholela isisihla.
8 Ungathethisi isideleli, funa sikuzonde;
thethisa isihlakaniphi,
siyakukuthanda.
9 Siphe isihlakaniphi,
siyakwanda ngokuhlakanipha;
fundisa olungileyo,
uyakwenezela emfundweni.
10 “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova,
nokumazi oNgcwele kungukuqonda.
11 Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi,
neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe.
12Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele;
uma udelela,
uyakukuthwala wena wedwa.”
13Ubuwula bungowesifazane oyisithutha onomsindo,
ongazi lutho.
14Uhlezi ngasemnyango wendlu yakhe
esihlalweni ezindaweni eziphakemeyo zomuzi
15ukuba ameme abadlula endleleni,
abaqonda emikhondweni yabo,
ngokuthi:
16“Ongenalwazi makaphambukele lapha,”
kongenangqondo uthi:
17 “Amanzi ebiweyo amnandi,
nesinkwa sentukuso singesenamisayo.”
18 Kepha akazi ukuthi kuyizithunzi ezilapho
nokuthi izimenywa zakhe zisezigodini zendawo yabafileyo.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.