1 O-Adamu, noSeti, no-Enoshe,
2noKhenani, noMahalalele, noJarede,
3no-Enoke, noMetushela, noLameka,
4 noNowa, noShemi, noHamu, noJafete.
5 Amadodana kaJafete: ngoGomere, noMagoge, noMadayi, noJavani, noThubali, noMesheke, noTirase.
6Amadodana kaGomere: ngo-Ashikenaze, noDifate, noThogarma.
7Amadodana kaJavani: ngo-Elisha, noTharishishi, noKitimi, noRodanimi.
8Amadodana kaHamu: ngoKushe, noMisirayimi, noPhuthi, noKhanani.
9Amadodana kaKushe: ngoSeba, noHavila, noSabita, noRama, noSabitheka. Amadodana kaRama: ngoSheba noDedani.
10UKushe wazala uNimrode; yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni.
11UMisirayimi wazala amaLudi, nama-Anami, namaLehabi, namaNafetuhi,
12namaPatrusi, namaKasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti, namaKafitori.
13UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,
14namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi,
15namaHivi, nama-Arki, namaSini,
16nama-Arvadi, namaSemari, namaHamati.
17Amadodana kaShemi: ngo-Elamu, no-Ashuri, no-Arpakishade, noLude, no-Aramu, no-Use, noHule, noGeteri, noMesheke.
18U-Arpakishade wazala uShela; uShela wazala u-Ebere.
19U-Ebere wazala amadodana amabili: igama lomunye lalinguPhelege,* ngokuba emihleni yakhe izwe ladatshulwa. Igama lomfowabo lalinguJokothane.
20UJokothane wazala o-Alimodade, noShelefe, noHasaramavete, noJera,
21noHadoramu, no-Uzali, noDikila,
22no-Ebali, no-Abimayele, noSheba,
23no-Ofiri, noHavila, noJobabi; bonke labo babe ngamadodana kaJokothane;
24 oShemi, no-Arpakishade, noShela,
25no-Ebere, noPhelege, noRehu,
26noSerugi, noNahori, noThera,
27 no-Abrama ongu-Abrahama.
28 Amadodana ka-Abrahama: ngo-Isaka no-Ishmayeli.
29 Lezi ziyizizukulwane zabo: izibulo lika-Ishmayeli uNebayoti, noKedari, no-Adibeli, noMibisamu,
30noMishima, noDuma, noMasa, noHadadi, noThema,
31noJeturu, noNafishi, noKhedema. Labo babe ngamadodana ka-Ishmayeli.
32 Amadodana kaKetura, isancinza sika-Abrahama: wazala oZimrani, noJokishani, noMedani, noMidiyani, no-Ishibaki, noShuwa. Amadodana kaJokishani: ngoSheba noDedani.
33Amadodana kaMidiyani: ngo-Efa, no-Eferi, noHanoki, no-Abida, no-Elidaha. Bonke labo babe ngamadodana kaKetura.
34 U-Abrahama wazala u-Isaka. Amadodana ka-Isaka: ngo-Esawu no-Israyeli.
35 Amadodana ka-Esawu: ngo-Elifazi, noRehuweli, noJewushe, noJalamu, noKora.
36Amadodana ka-Elifazi: ngoThemani, no-Omari, noSefi, noGathamu, noKenazi, noThimna, no-Amaleki.
37Amadodana kaRehuweli: ngoNahati, noZera, noShama, noMiza.
38Amadodana kaSeyiri: ngoLothani, noShobali, noSibeyoni, no-Ana, noDishoni, no-Eseri, noDishani.
39Amadodana kaLothani: ngoHori noHomamu; udadewabo kaLothani wayenguThimna.
40Amadodana kaShobali: ngo-Aliyani, noManahati, no-Ebali, noShefi, no-Onamu. Amadodana kaSibeyoni: ngo-Aya no-Ana.
41Amadodana ka-Ana: nguDishoni. Amadodana kaDishoni: ngoHamrani, no-Eshibani, noJitrani, noKerani.
42Amadodana ka-Eseri: ngoBilihani, noZahawana, noJahakhani. Amadodana kaDishani: ngo-Use no-Arana.
43Lawa angamakhosi abusa ezweni lakwa-Edomi, kungakabusi nkosi phezu kwabantwana bakwa-Israyeli: uBela indodana kaBeyori. Igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba.
44Wafa uBela; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe.
45Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe.
46Wafa uHushamu; uHadadi, indodana kaBedadi, owanqoba abakwaMidiyani ethafeni lakwaMowabi, waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyi-Aviti.
47Wafa uHadadi; uSamla waseMasireka waba yinkosi esikhundleni sakhe.
48Wafa uSamla; uShawule waseRehoboti ngaseMfuleni* waba yinkosi esikhundleni sakhe.
49Wafa uShawule; uBali Hanani indodana ka-Akibori waba yinkosi esikhundleni sakhe.
50Wafa uBali Hanani; uHadadi waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyiPhahi; igama lomkakhe lalinguMehetabeli indodakazi kaMatiredi, indodakazi kaMezahabi.
51Wafa uHadadi; abanumzane bakwa-Edomi kwakuyilaba: umnumzane uThimna, nomnumzane u-Aliya, nomnumzane uJeteti,
52nomnumzane u-Oholibama, nomnumzane u-Ela, nomnumzane uPhinoni,
53nomnumzane uKenazi, nomnumzane uThemani, nomnumzane uMibisari,
54nomnumzane uMagidiyeli, nomnumzane u-Iramu. Yilabo abangabanumzane bakwa-Edomi.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.