UHoseya 3 - isiZulu 1959/1997

1UJehova wathi kimi: “Hamba futhi, umthande owesifazane othandwa ngumngane wakhe, eyisiphingikazi, njengalokhu uJehova ethanda abantwana bakwa-Israyeli, noma bephendukela kwabanye onkulunkulu, bethanda izigaxa zezithelo zomvini ezomileyo.”

2Ngase ngizithengela yena ngezinhlamvu eziyishumi nanhlanu zesiliva, nangehomere* lebhali,* nangenxenye yehomere lebhali,

3ngathi kuye: “Uyakuhlala kimi izinsuku eziningi, ungafebi, ungabi ngowomunye, nami ngibe njalo kuwe.”

4Ngokuba izinsuku eziningi abantwana bakwa-Israyeli bayakuhlala bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.*

5 Ngasemuva abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya, bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, babuyele kuJehova benovalo nakukho okuhle kwakhe ngezinsuku ezizayo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help