UNahume 2 - isiZulu 1959/1997

Ukuchithwa kweNineve

1 Kukhuphukela umchithi kuwe; gcina inqaba,

ulinde indlela,

uqinise izinkalo zakho,

uwenze amandla akho ukuba aqine.

2 Ngokuba uJehova uyabuyisa ukuphakama kukaJakobe

njengokuphakama kuka-Israyeli,

lokhu abathululayo bebathululile,

bachitha amagatsha emivini yabo.

3Izihlangu zamaqhawe akhe zibomvu,

amadoda anamandla embethe okubomvu;

izinqola zibengezela umlilo ensimbini ngosuku lokuzilungisela kwakhe;

imikhonto iyaveva.

4Izinqola ziyahlanya ezitaladini,

ziyaficana ezigcawini;

ukubonakala kwazo kunjengezimbaqa,

zigijima njengemibani.

5Useyakhumbula izikhulu zakhe,

ziyakhubeka ekuhambeni kwazo;

zisheshela izingange zakhona,

izivikelo ziyalungiswa.

6Amasango emifula ayavulwa,

indlu yamakhosi iyancibilika.

7Kunqunyiwe: liyambulwa, lisuswe;

izincekukazi zalo zibubula ngezwi lamajuba,

zibetha phezu kwezinhliziyo zazo.

8Kepha iNineve linjengechibi lamanzi kwasendulo,

nokho bayabaleka.

“Yimani, yimani!”

Kepha akakho ophendukayo.

9Phangani isiliva!

Phangani igolide!

Ngokuba akukho ukuphela kokunqwatshelweyo

nokukhazimula kwazo zonke izinto ezinxanelekayo.

10 Liyize, alisenalutho, lichithekile;

inhliziyo iyancibilika,

amadolo ayashayana,

imihelo isezinkalweni zonke,

nobuso babo bonke buphaphathekile.

11 Uphi umphandu wezingonyama,

nedlelo lamabhongo ezingonyama,

lapho kwahamba ingonyama nengonyamakazi nebhongo lengonyama,

kungekho okwesabisayo na?

12Ingonyama yadwengula okwanele amabhongo ayo,

yabindela izingonyamakazi zayo;

yagcwalisa imiphandu yayo ngempango

nemigede yayo ngengcugco.

13“Bheka, ngimelene nawe,” usho uJehova Sebawoti;

“ngiyakushisa izinqola zakho emsini,

inkemba idle amabhongo akho ezingonyama;

ngiyakunquma impango yakho emhlabeni,

nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help