AmaHubo 49 - isiZulu 1959/1997

Ubuze benhlanhla yababiKumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. Ihubo.

1Yizwani lokhu nonke nina bantu;

bekani indlebe nina nonke enakhileyo ezweni,

2abantukazana nezikhulu,

abacebileyo nabampofu.

3Umlomo wami uzakukhuluma ukuhlakanipha,

ukuzindla kwenhliziyo yami kuzakuba ngokokuqonda.

4 Ngizakubeka indlebe yami kuso isaga,

ngiphenye imfumbe yami ngehabhu.*

5Bengizakwesabelani ezinsukwini ezimbi,

lapha ububi babangizingelayo bungihaqa,

6labo abathemba imfuyo yabo

bezigabisa ngomcebo wabo omkhulu, na?

7Umuntu angemhlenge umfowabo,

angemnike uNkulunkulu ihlawulo ngaye.

8Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu;

akunakuphela nanini

9ukuba aphile njalo, angaboni ukubola.

10 Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa

nokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha,

imfuyo yabo bayishiyele abanye.

11Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo

zizakuma kuze kube phakade,

nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane;

amazwe abo bawabiza ngamagama abo.

12 Kepha umuntu, nokuba enodumo, akayikuma;

ufana nezilwane ezibhubhayo.

13Le ndlela yabo ingubuwula babo,

balandelwa ngabavumela umlomo wabo. Sela*

14Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu;

ukufa kuyakubalusa,

abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa,

isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo,

bangabe besaba nandlu.

15Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wami

esandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela. Sela*

16 Ungesabi, nxa umuntu eceba,

nxa ubukhosi bendlu yakhe banda.

17 Ngokuba ekufeni kwakhe akayikuphatha lutho;

ubukhosi bakhe abuyikwehla naye.

18Noma ebusisa umphefumulo wakhe esaphila,

futhi abantu bekudumisa,

ngokuba uzondle kahle,

19nokho uyakuya esizukulwaneni sawoyise;

abayikukubona ukukhanya naphakade.

20Umuntu onodumo engenakuqonda unjengezilwane ezibhubhayo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help