UHoseya 7 - isiZulu 1959/1997

Ukungazisoli kuka-Israyeli

1“Lapho bengiyakumphulukisa u-Israyeli,

bambulelwa ububi buka-Efrayimi nokubi kweSamariya,

ngokuba benza inkohliso,

amasela ayafohla,

nabaphangi baphanga ngaphandle.

2Abacabangi ezinhliziyweni zabo

ukuthi ngiyakhumbula konke okubi kwabo;

sebezungeziwe yizenzo zabo,

ziphambi kobuso bami.

3“Ngobubi babo bayathokozisa inkosi,

nezikhulu ngamanga abo.

4Bayiziphingi bonke;

banjengeziko elishiswa ngumphekisinkwa

oyeka ukukhwezela kusukela ekuxovweni kwenhlama

kuze kube sekubileni kwayo.

5 Ngosuku lwenkosi yethu

izikhulu zazigulisa ngokushisa kwewayini;

yona yayiselulela izideleli isandla.

6Lapho sebeshisile izinhliziyo zabo ngamacebo zibe njengeziko,

umphekisinkwa wabo ulala ubusuku bonke;

ekuseni liyavutha njengomlilo wamalangabi.

7Bonke bashisa njengeziko,

badla abahluleli babo;

onke amakhosi abo ayawa,

kungekho phakathi kwabo ongibizayo.

8 “U-Efrayimi uyazihlanganisa nabanye abantu:

u-Efrayimi uyiqebelengwane elingaphendulwanga.

9Abafokazi badlile amandla akhe,

kepha yena akazi;

izimvi zikhahlele kuye,

kepha yena akazi.

10 Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe,

nokho ababuyelanga kuJehova uNkulunkulu wabo,

abamfunanga kukho konke lokhu.

11 “U-Efrayimi unjengejuba elidukiswayo lingenangqondo;

bayabiza iGibithe, baya e-Asiriya.

12Lapho sebehamba,

ngiyabenekela inetha lami,

ngibehlise njengezinyoni zezulu,

ngibajezise njengokuzwakeleyo ebandleni labo.

13 Maye kubo, ngokuba bangibalekele!

Makube ngukuchithwa kubo,

ngokuba baphambukile kimi!

Bengiyakubahlenga mina

labo abakhulume amanga ngami na?

14Abakhalanga kimi ngezinhliziyo zabo,

kepha bahhewula emibhedeni yabo;

banovalo ngamabele abo nangewayini labo,

kepha mina bayangihlubuka.

15Mina-ke ngafundisa,

ngaqinisa izingalo zabo,

nokho baceba okubi ngami.

16 Bayabuyela, kepha hhayi kongaPhezulu,

bafana nomnsalo ogejayo;

izikhulu ziyakuwa ngenkemba

ngenxa yolaka lolimi lwabo.

Lokhu kuyakuba yinhlekiso yabo ezweni laseGibithe.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help