1 uSamuweli 27 - isiZulu 1959/1997

UDavide useGati naseSikilagi

1UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngiyakubhubha ngelinye ilanga ngesandla sikaSawule; akukho okungcono kimi kunokuba ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti; uSawule uyakungiyeka, angabe esangifuna emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli, ngiphunyuke esandleni sakhe.”

2 Wayesesuka uDavide, wawela, yena nabantu abangamakhulu ayisithupha ababe naye, waya ku-Akhishi indodana kaMahoki, inkosi yaseGati.

3 UDavide wahlala no-Akhishi eGati, yena nabantu bakhe, kwaba yilowo nalowo nomuzi wakhe, uDavide enawomkakhe bobabili, o-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili waseKarmeli umkaNabali.

4Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekele eGati; akabe esamfuna futhi.

5UDavide wathi ku-Akhishi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, mabanginike indawo komunye wemizi yasemaphandleni ukuba ngihlale khona, ngokuba inceku yakho izakuhlalelani nawe emzini wenkosi na?”

6U-Akhishi wamnika iSikilagi ngalolo suku; ngalokho iSikilagi lingelamakhosi kuze kube namuhla.

7 Umumo wezinsuku zokuhlala kukaDavide ezweni lamaFilisti wawungumnyaka nezinyanga ezine.

8 UDavide nabantu bakhe benyuka, bangenela amaGeshuri, namaGirizi, nama-Amaleki, ngokuba lawo ayakhe kulelo zwe kwasendulo ekuyiweni eShuri kuze kube sezweni laseGibithe.

9 UDavide walichitha izwe, akashiyanga muntu ephilile, owesilisa nowesifazane, wathatha izimvu, nezinkabi, nezimbongolo, namakamela, nezingubo, wabuya, wafika ku-Akhishi.

10 U-Akhishi wathi: “Ningenelephi namuhla na?”

UDavide wathi: “Bekuseningizimu kwaJuda, naseningizimu kwamaJerameli, naseningizimu kwamaKheni.”

11UDavide akashiyanga owesilisa nowesifazane ephilile ukubayisa eGati, ethi: “Funa basicebe ngokuthi: ‘Wenze njalo uDavide.’ ” Yayinjalo indlela yakhe zonke izinsuku ehlezi ezweni lamaFilisti.

12U-Akhishi wakholwa nguDavide, wathi: “Wenze ukuba anengwe nokunengwa ngabantu bakhe abakwa-Israyeli; ngalokho uyakuba yinceku yami kuze kube nini.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help