AmaHubo 1 - isiZulu 1959/1997

INCWADI YOKUQALAAmahubo 1 – 41Indlela yabalungileyo nendlela yababi

1 Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi,

ongemi endleleni yezoni,

ongahlali enkundleni yabaklolodayo,

2 kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova,

ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.

3 Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi,

othela isithelo sawo ngesikhathi sawo,

oqabunga lawo lingabuni,

nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.

4 Ababi abanjalo,

kepha banjengamakhoba aphephethwa ngumoya.

5 Ngalokho ababi abayikuma ekwahlulelweni,

nezoni ebandleni labalungileyo.

6 Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo,

kodwa indlela yababi yobhubha.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help