U-Isaya 58 - isiZulu 1959/1997

Ukuzila okuyikho

1 “Memeza ngezwi elikhulu, ungazibambi,

uliphakamise izwi njengecilongo,

utshele abantu bami iziphambeko zabo,

indlu kaJakobe izono zayo.

2Nokho bangifuna izinsuku zonke,

bathanda ukwazi izindlela zami;

njengesizwe esenza ukulunga,

singashiyi ukwahlulela kukaNkulunkulu waso,

babuza kimi izahlulelo zokulunga,

bathanda ukusondela kuNkulunkulu.

3 Bathi: ‘Sizileleni ukudla,

ungaboni, na?’

‘Sizihlupheleni izinhliziyo zethu,

ungakwazi, na?’

“Bhekani, ngosuku lokuzila kwenu

niyaqhuba umsebenzi,

nicindezele zonke izisebenzi zenu.

4Bhekani, nizilela ukulwa nokuphikisana

nokushaya ngenqindi yobubi.

Anisazili namuhla

ukuze nilizwakalise izwi lenu phezulu.

5 Yikhona lokhu kuzila engikukhethileyo yini

nosuku lokuba umuntu awuhluphe umphefumulo wakhe;

ukuthi umuntu ugoba ikhanda lakhe njengomhlanga,

endlale indwangu yamasaka nomlotha phansi kwakhe, na?

Lokhu kambe ungakubiza ngokuthi ukuzila

nosuku olwamukelekayo kuJehova na?

6“Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini:

ukuthukulula izibopho zobubi

nokuxegisa imichilo yejoka;

ukukhulula abacindezelwayo

nokwaphula onke amajoka na?

7 Akusikho ukwabela abalambileyo isinkwa sakho,

nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho,

nokwembesa ohamba ze,

lapho umbonayo,

nokungazisithezi kwaba yinyama yakho, na?

8 Khona ukukhanya kwakho kuyakuqhamuka njengokusa,

nokuphuluka kwakho kuyakuvela masinyane,

ukulunga kwakho kuhambe phambi kwakho,

inkazimulo kaJehova ibe semva kwakho.

9Khona wena uyakubiza,

kusabele uJehova;

uyakukhala, abesethi:

Bheka, ngilapha.

“Uma ususa phakathi kwakho ijoka,

nokukhomba ngomunwe, nokukhuluma okubi,

10 umnike olambileyo isinkwa sakho,

usuthise othotshisiweyo,

khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma ebumnyameni,

ukuhlwa kwakho kube njengemini.

11UJehova uyakukuhola njalo,

asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo,

aqinise amathambo akho;

uyakuba njengensimu eniselweyo

nanjengomthombo wamanzi,

omanzi awo angaphuthi.

12 Abavela kuwe bayakwakha izincithakalo ezindala,

ubuye wakhe izisekelo zezizukulwane ezidlulileyo,

ubizwe ngokuthi uMvalisikhala

noMlungisi wemikhondo ukuba kuhlalwe khona.

13 “Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isabatha,

ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele,

ulibize isabatha ngokuthi intokozo,

nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo,

uludumise, ungahambi ngezindlela zakho,

ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize,

14 khona uyakuzijabulisa kuJehova,

ngikukhweze ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba,

ngikuphe ukuba ulidle ifa likaJakobe uyihlo,”

ngokuba umlomo kaJehova ukukhulumile.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help