UJobe 10 - isiZulu 1959/1997

UJobe ukhala ngokuphathwa kwakhe kalukhuni

1“Umphefumulo wami ukhathele ukuhamba kwami;

ngiyazinikela ekukhaleni,

ngikhulume ngomunyu womphefumulo wami.

2Ngiyakusho kuNkulunkulu ukuthi:

‘Ungangilahli;

ngazise ukuthi uphikisanelani nami na?

3Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele,

ulahle umsebenzi wezandla zakho,

ukhanye phezu kwamasu ababi, na?

4 Amehlo enyama unawo na?

Uyabona njengabantu na?

5Imihla yakho injengemihla yomuntu na?

Neminyaka yakho injengezinsuku zabantu na?

6lokhu ufuna ukona kimi,

ufunisisa isono sami,

7noma ukwazi ukuthi angimubi

nokuthi akakho ongophula esandleni sakho.

8 Izandla zakho zingibumbile,

zangenza ngokupheleleyo nxazonke;

nokho uyangichitha.

9 Ake ukhumbule ukuthi ungenzile njengebumba;

pho, uyakungibuyisela othulini na?

10Awungithululanga njengobisi,

wangijiyisa njengoshizi,* na?

11Awungembathisanga isikhumba nenyama,

wangiphica ngamathambo nangemisipha, na?

12 Ungenzele ukuphila nomusa;

ukungihambela kwakho kulondile umoya wami.

13Kepha ufihlile enhliziyweni yakho lokhu;

ngiyazi ukuthi lokhu kukuwe kokuthi:

14Uma ngona, uyangiqaphela;

awuyikuthethelela ukona kwami.

15Uma nginecala, maye kimi!

Noma bengilungile,

bengingayikuphakamisa ikhanda lami,

lokhu ngisuthi ngehlazo,

ngibona ukuhlupheka kwami.

16 Nokuba bengiziphakamisa,

ubuyakungizingela njengengonyama,

ubuye uzenze omangalisayo kimi.

17Ubuyakuletha kimi ofakazi

abasha, wandise intukuthelo yakho

kimi, amabandla ngamabandla

angisukele.

18 “ ‘Ungikhipheleni esizalweni na?

Ngangiyakugqibuka lingakangiboni iso,

19ngibe njengokungathi ngingekho,

ngiyiswe ethuneni ngisaphuma esiswini.

20 Imihla yami ayiyingcosana na?

Makapheze, angiyeke ukuba ngithokoze kancane,

21ngingakayi lapho ngingasayikubuya khona,

izwe lobumnyama nelomthunzi wokufa,

22izwe lobumnyama obunjengesigayegaye

nelomthunzi wokufa nelesiphithiphithi,

lapho ukukhanya kunjengobumnyama.’ ”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help