1 Kwathi ngaleyo mihla abafundi sebanda, kwavela ukukhonona kubaJuda abakhuluma isiGreki ngamaHeberu ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa ekwabelweni kwemihla ngemihla.
2Abayishumi nambili base bebiza ibandla labafundi, bathi: “Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni.
3 Funani-ke phakathi kwenu bazalwane amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esingawamisela lowo msebenzi.
4Kepha thina sizakuqinisela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.”
5 Leli zwi laba lihle kulo lonke ibandla; base bekhetha uStefanu, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, noFiliphu, noProkhoro, noNikanori, noThimoni, noPharmena, noNikolawu, iproselite* lase-Antiyokiya,
6 babamisa phambi kwabaphostoli; bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo.
7 Izwi likaNkulunkulu landa, umumo wabafundi wakhula eJerusalema, nesixuku esikhulu sabapristi salalela inkolo.
UStefanu umangalelwa emphakathini8 Kepha uStefanu egcwele umusa namandla wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu.
9Kwase kusuka abanye besinagoge* elithiwa elabaLibertino, nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefanu;
10 kepha babengenamandla okumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho.
11 Khona bathenga amadoda athi: “Simzwile ekhuluma amazwi enhlamba ngoMose nangoNkulunkulu,”
12bavusa abantu namalunga nababhali, bamvukela, bambamba, bamyisa emphakathini;
13 bamisa ofakazi bamanga abathi: “Lo muntu akayeki ukukhuluma amazwi ngale ndawo engcwele nangomthetho;
14ngokuba simzwile ethi uJesu lo waseNazaretha uzakuchitha le ndawo, aguqule imithetho asinika yona uMose.”
15Kwathi bemgqolozela bonke ababehlezi emphakathini, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.