UHoseya 11 - isiZulu 1959/1997

Ukuthandwa kuka-Israyeli nguNkulunkulu

1 “Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda,

ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.

2Lapho bebabiza,

kwaba yilokhu besuka kubo;

babahlabela oBali,

bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.

3 Nokho mina ngamcathulisa u-Efrayimi;

ngabaphatha ngezingalo zami,

kepha abazanga ukuthi ngabaphulukisa.

4Ngabadonsa ngezintambo zomuntu,

ngamagoda othando;

ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo,

ngagobela kubo, ngabanika ukudla.

5“Abayikubuyela ezweni laseGibithe,

owase-Asiriya abe yinkosi yabo,

ngokuba benqaba ukubuya, na?

6Inkemba iyakutheleka emizini yabo,

iqede imigoqo yayo,

ibadle ngenxa yeziluleko zabo.

7Abantu bami bahlose ukuhlehla kimi;

noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani,

akakho oziphakamisayo.

8 “Ngingakunikela kanjani, Efrayimi,

ngikukhaphele, Israyeli, na?

Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima,

ngikubeke ufane neSeboyimi, na?

Inhliziyo iyaphenduka phakathi kwami,

sonke isihawu sami sivusiwe.

9 Angiyikwenza ukufutheka kwentukuthelo yami,

ngingabuyeli ukumchitha u-Efrayimi,

ngokuba nginguNkulunkulu,

angisiye umuntu;

ngingoNgcwele phakathi kwenu,

angiyikufika ngolaka.

10 Bayakulandela uJehova oyakubhonga njengengonyama,

ngokuba uyakubhonga,

abantwana bakhe bavele entshonalanga ngokuthuthumela.

11Bayakuvela ngokuthuthumela eGibithe njengezinyoni,

nanjengejuba ezweni lase-Asiriya,

ngibahlalise ezindlini zabo,” usho uJehova.

12U-Efrayimi ungizungezile ngamanga,

nendlu yakwa-Israyeli ngenkohliso;

uJuda usazulazula kuNkulunkulu nakoNgcwele othembekileyo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help