KumaHeberu 5 - isiZulu 1959/1997

Umpristi omkhulu ufanele abe ngumuntu obiziwe nguNkulunkulu

1 Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu okhethwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono;

2 angabekezelela abangazi lutho nabadukayo, lokhu naye uzungeziwe ngubuthakathaka;

3 ngenxa yabo kufanele ukuba, njengalokhu enikela ngezono zabantu, anikele kanjalo nangezakhe.

4Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kuphela obizelwa kuso nguNkulunkulu njengo-Aroni.

UKristu ungumpristi obiziweyo

5 Kanjalo noKristu akazidumisanga yena aze abe ngumpristi omkhulu, kepha wadunyiswa nguye owakhuluma kuye, wathi:

“UyiNdodana yami wena,

namuhla ngikuzele,”

6 njengokuba esho nakwenye indawo ngokuthi:

“Wena ungumpristi kuze kube phakade

ngokokuma kukaMelkisedeki,”

7 owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.

8 Noma eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho;

9 esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo,

10ebizwa nguNkulunkulu ukuthi umpristi omkhulu ngokokuma kukaMelkisedeki.

Basengabantwana ekukholweni

11Sinokuningi esingakusho ngalokho, okulukhuni ukuchasisela, lokhu senaba buthuntu ekuzweni.

12 Ngokuba noma benifanele ukuba nibe ngabafundisi, uma kuya ngesikhathi, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu; senaba ngabadinga ubisi, kungesikho ukudla okuqinileyo.

13 Ngokuba lowo odla ubisi akakaqondi lutho lwezwi lokulunga, ngokuba uyingane.

14 Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help