AmaHubo 148 - isiZulu 1959/1997

Izulu nomhlaba makudumise uJehova

1 Haleluya!

Dumisani uJehova ezulwini,

nimdumise kweliphezulu.

2Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke,

nimdumise nina mabandla akhe onke.

3Mdumiseni nina langa nenyanga,

nimdumise nina zinkanyezi zonke ezikhanyayo.

4 Mdumiseni nina mazulu amazulu,

nina manzi aphezu kwezulu.

5Makuthathe kudumise igama likaJehova,

ngokuba wayaleza, kwadaleka.

6 Futhi wakumisa kuze kube phakade;

washaya umthetho ongenakweqiwa.

7Mdumiseni uJehova emhlabeni

nina mikhomo nezintwa zonke,

8 nawe mlilo nesichotho,

liqhwa nenkwezane,

nawe siphepho esenza okwezwi lakhe,

9nani zintaba namagquma onke,

nani mithi ethelayo nayo yonke imisedari,*

10nani zilwane nezinkomo zonke,

nani eninwabuzelayo nezinyoni ezindizayo,

11nani makhosi omhlaba nabantu bonke,

nani zikhulu nabahluleli bonke bomhlaba,

12nani zinsizwa nezintombi,

nani maxhegu nabafana.

13 Mabadumise igama likaJehova,

ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme;

inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.

14Usephakamisile uphondo lwabantu bakhe;

ngalokho bayamdumisa abangcwele bakhe,

abantwana bakwa-Israyeli,

abantu abaseduze naye.

Haleluya!

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help