AmaHubo 94 - isiZulu 1959/1997

Izitha zesizwe sikaNkulunkulu ziyakuphindiselwa

1 Nkulunkulu wempindiselo,

Jehova, Nkulunkulu wempindiselo, vela ukhanye.

2 Phakama, Mahluleli womhlaba,

uphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.

3 Jehova, koze kube nini ababi,

koze kube nini ababi bethaba na?

4Bayampompoza,

bakhuluma amagangangozi;

bayazidla bonke abenza okubi.

5Isizwe sakho, Jehova, bayasiphohloza,

nefa lakho balinyathela phansi.

6Bayabhubhisa umfelokazi nomfokazi,

nezintandane bayazibulala.

7 Bathi: “UJehova akaboni,

uNkulunkulu kaJakobe akanaki.”

8Qaphelani nina zithutha phakathi kwabantu;

nani ziwula, niyakuqonda nini na?

9 Owenza indlebe kanakuzwa na?

Owadala iso kanakubona na?

10Othethisa abezizwe,

yena ofundisa abantu ukwazi, kanakujezisa na?

11 UJehova uyayazi imicabango yabantu ukuba ingumoya nje.

12 Jehova, ubusisiwe lowo muntu omyalayo,

omfundisayo ngomthetho wakho,

13wenzela ukuba umphumuze ezinsukwini ezimbi,

aze ambelwe umgodi lowo ongenamthetho.

14Ngokuba uJehova akayikulahla abantu bakhe,

nefa lakhe akayikulishiya.

15Ngokuba ukulunga kuyakubuyela ekwahluleleni,

bonke abaqotho ngenhliziyo bakulandele.

16Ngubani oyakungimela phambi kwababi na?

Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?

17Uma uJehova ebengesilo usizo lwami,

umphefumulo wami ubuyakushesha ukuhlala ekuthuleni kokufa.

18Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela,

umusa wakho, Jehova, wangiphasa.

19 Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami

ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.

20Isihlalo sobubi singahlanganyela nawe yini,

leso esisebenza okubi kungathi ngomthetho na?

21Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo;

igazi elingenacala bayalilahla.

22 Kepha uJehova waba yinqaba yami,

uNkulunkulu wami waba yiwa engiphephela kulo.

23Uyaphindisela kubo ukushinga kwabo,

abaqede ngobubi babo;

uJehova uNkulunkulu wethu uyakubaqeda.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help