AmaHubo 144 - isiZulu 1959/1997

Ukubonga nokucela ukusindiswa nempumeleloElikaDavide.

1 Makabongwe uJehova, idwala lami,

ofundisa izandla zami ukuhlasela

neminwe yami ukulwa,

2 umusa wami nenqaba yami,

umbhoshongo wami ophakemeyo nomkhululi wami,

isihlangu sami, nengiphephela kuye,

nothobisa abantu bami phansi kwami.

3 Jehova, uyini umuntu ukuba umazi,

nendodana yomuntu ukuba uyikhumbule, na?

4 Umuntu ufana nomoya;

izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.

5 Thobisa amazulu akho, Jehova, wehle;

thinta izintaba, zithunqe.

6 Imibani mayinyazime, ubahlakaze;

thuma imicibisholo yakho, ubaphithizise.

7 Yelula isandla sakho phezulu,

ungikhulule, ungophule emanzini amakhulu

nasesandleni sabafokazi

8abamlomo wabo ukhuluma inkohliso,

nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.

9 Ngiyakuhlabelela kuwe Nkulunkulu isihlabelelo esisha;

ngogubhu olunezintambo eziyishumi ngiyakukuhubela.

10Nguye onika amakhosi insindiso,

okhulula inceku yakhe uDavide enkembeni elimazayo.

11Ngikhulule, ungophule esandleni sabafokazi

abamlomo wabo ukhuluma inkohliso,

nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.

12Lapho amadodana ethu enjengezithombo ezikhulileyo ebusheni bazo,

namadodakazi ethu enjengamatshe amagumbi abaziwe ngendlela yokwakhiwa kwezindlu zamakhosi;

13lapho izingobo zethu zigcwele,

ziveza izinhlobo ngezinhlobo,

nezimvu zethu zizala ngezinkulungwane,

yebo, ngezinkulungwane eziyishumi emadlelweni ethu;

14lapho izinkabi zethu zithweswe kakhulu,

nalapho kungekho ukufohla kwesitha nokungena empini nezikhalo ezitaladini zethu,

15 babusisiwe abantu abanjalo;

babusisiwe abantu abaNkulunkulu

wabo unguJehova.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help