AmaHubo 38 - isiZulu 1959/1997

Umkhuleko wophendukileyo ecela ukukhululwaIhubo likaDavide. Elokukhumbuza.

1 Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho,

ungangishayi ngolaka lwakho.

2 Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile;

isandla sakho singicindezele kanzima.

3Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho;

akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.

4Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami;

njengomthwalo osindayo ziyangisinda.

5 Izilonda zami ziyanuka,

zichicha ubovu

ngenxa yobuwula bami.

6Ngikhonkobele, ngithotshisiwe kakhulu;

usuku lonke ngihamba ngilila.

7Ngokuba ukhalo lwami lutshutshumba kakhulu;

akukho ukuphila enyameni yami.

8Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi;

ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.

9Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho;

ukububula kwami akufihlekile kuwe.

10Inhliziyo yami iyagquma kakhulu;

amandla ami angishiyile,

ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi.

11 Abathandekayo bami nabahlobo bami

bemi kude nokuhlupheka kwami;

abakwethu bemi kude laphaya.

12Abafuna umphefumulo wami bayangicupha;

abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi,

bazindla inkohliso usuku lonke.

13 Mina kodwa nginjengesithulu, angizwa;

nginjengesimungulu esingavuli umlomo waso.

14Yebo, nginjengomuntu ongezwayo;

akukho ukuphikisa emlonyeni wakhe.

15Ngokuba ngithemba wena Jehova;

wena Nkosi Nkulunkulu wami uzakuphendula.

16Ngokuba ngithe:

“Funa bajabule ngami,

ekusheleleni konyawo lwami bazikhukhumeze ngami.”

17Ngokuba ngiseduze kokuwa,

nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke.

18Ngokuba ngiyabika ukona kwami;

ngiyadabuka ngesono sami.

19 Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla;

baningi abangizonda ngeze.

20 Abaphindisela okubi ngokuhle bamelene nami,

ngokuba ngilandela okulungileyo.

21Ungangishiyi, Jehova;

Nkulunkulu wami, ungabi kude nami.

22 Phuthuma, ungisize,

Nkosi, nsindiso yami.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help