U-Amose 4 - isiZulu 1959/1997

Amazwi ngabesifazane baseSamariya

1Yizwani leli zwi,

nina zinkomo zaseBashani

enisentabeni yaseSamariya,

enicindezela abaphansi,

enichoboza abampofu,

enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”

2 INkosi uJehova ifungile ubungcwele bayo

ukuthi: “Bhekani, izinsuku ziyakunehlela

lapho niyakususwa ngezingwegwe,

nabaseleyo kini ngezindobo.

3 Niyakuphuma emifantwini,

kube yilowo nalowo ngoqondene naye,

nilahlwe eHermoni,” usho uJehova.

U-Israyeli akafundi

4 “Wozani eBethele, niphambeke,

naseGiligali, nandise iziphambeko,

nilethe imihlatshelo yenu ekuseni njalo,

nokweshumi kwenu kanye ngezinsuku ezintathu,

5 nishise umnikelo wokubonga ngokuvutshelweyo,

nimemezele iminikelo yesihle,

niyizwakalise,

ngokuba nithanda kanjalo,

bantwana bakwa-Israyeli,” isho iNkosi uJehova.

6 “Mina nganinika ukuhlanzeka kwamazinyo emizini yenu yonke

nokuswela isinkwa kuzo zonke izindawo zenu,

kepha anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

7“Futhi ngagodla kini imvula,

kusasele izinyanga ezintathu ukuba kuvunwe,

ngalinisa phezu komunye umuzi,

komunye umuzi angilinisanga;

esinye isiqephu saniselwa,

nesiqephu esinganiselwanga sasha.

8Kwase kuhamba imizi emibili noma emithathu,

yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi,

kodwa ayaneliswanga;

kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

9 “Nganishaya ngokuhamuka nesikhutha;

izivande zenu, nezivini zenu,

nemikhiwane yenu,

neminqumo yenu eminingi

kwadliwa yisibotho,

kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

10 “Nganithumela isifo ngendlela yaseGibithe,

ngazibulala izinsizwa zenu ngenkemba,

ngathumba amahhashi enu,

ngenza ukuba ukunuka kwekamu* lenu

kukhuphukele nasemakhaleni enu,

kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

11 “Nganichitha njengalokho

uNkulunkulu achitha iSodoma neGomora;

naninjengesikhuni esophulwe emlilweni,

kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

12“Ngalokho ngiyakwenze njalo kuwe Israyeli;

njengokuba ngiyakwenza lokhu kuwe,

zilungiselele ukuhlangana noNkulunkulu wakho, Israyeli.”

13 Ngokuba bheka, owabumba izintaba,

nowawudala umoya,

otshela umuntu umqondo wakhe,

owenza ukusa kube ngubumnyama,

onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba,

igama lakhe linguJehova,

uNkulunkulu Sebawoti.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help