AmaHubo 130 - isiZulu 1959/1997

Umkhuleko wokuthethelelwa nokukhululwaIgama lokukhuphuka.

1 Ngikhala kuwe Jehova

ngisotweni phansi.

2Nkosi, yizwa izwi lami;

izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

3 Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko,

Nkosi, ngubani ongema na?

4 Kepha ukuthethelela kukuwe,

ukuze wesatshwe.

5Ngiyalindela uJehova,

umphefumulo wami uyalinda;

ngiyalethemba izwi lakhe.

6Umphefumulo wami uyalindela iNkosi

kunabalindi belindela ukusa.

7 U-Israyeli makamethembe uJehova,

ngokuba umusa ukuJehova,

nokukhulula okuningi kukuye.

8 Uyakumhlenga u-Israyeli

eziphambekweni zakhe zonke.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help