UJobe 23 - isiZulu 1959/1997

UJobe uphendula inkulumo yesithathu ka-Elifazi: ukhala ngokubeka indaba yakhe phambi kukaNkulunkulu

1Wayesephendula uJobe, wathi:

2“Nanamuhla ukukhala kwami kumunyu;

isandla sami siyasinda ngokububula kwami.

3Sengathi ngingazi ukuthi ngiyakumtholaphi,

ngize ngifike endlini yakhe,

4ngilungise ukwahlulelwa kwami phambi kwakhe,

ngigcwalise umlomo wami ngezimpendulo.

5Bengiyakuwazi amazwi abeyakungiphendula ngawo,

ngiqonde ukuthi ubeyakuthini kimi.

6Ubeyakuphikisana nami ngamandla akhe amakhulu na?

Cha, ubeyakubhekisa kimi.

7Lapho olungileyo ubeyakuphikisana naye,

mina ngikhululwe kumahluleli wami kuze kube phakade.

8Kodwa bheka, ngiya empumalanga,

kepha akakho,

nasentshonalanga, kepha angimboni,

9nangasenyakatho ekusebenzeni kwakhe, kepha akabonwa;

ujikela ngaseningizimu,

kepha akabonakali.

10 Ngokuba uyayazi indlela yami;

esengivivinyile,

ngiyakuphuma njengegolide.

11Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe;

ngigcinile indlela yakhe,

angiphambukanga.

12Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe;

ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.

13“Kodwa uyinto inye,

ngubani ongambuyisa na?

Okufisayo umphefumulo wakhe,

lokho uyakwenza.

14Uyakufeza engikumiselweyo;

izinto eziningi ezinjalo zikuye.

15Ngalokho ngishaywa luvalo ebusweni bakhe;

lapho ngikuqaphela, ngiyamesaba.

16NguNkulunkulu odangalisileyo inhliziyo yami,

uSomandla ungethusile,

17ngokuba anginqunywanga,

bungakafiki ubumnyama;

wangifihlela ukuhlwa.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help