UMika 6 - isiZulu 1959/1997

UJehova uphikisana nabakwa-Israyeli

1Ake nizwe akushoyo uJehova, ethi:

“Suka ulwe phambi kwezintaba,

uzwise amagquma izwi lakho.

2 Zwanini, zintaba,

ukuphikisana kukaJehova,

nani zisekelo zomhlaba eziqinileyo,

ngokuba uJehova unokuphikisana nabantu bakhe,

uyakumelana nabo.

3 “Bantu bami, ngenzeni kini;

kuyini enginikhathaze ngakho na?

Ngiphenduleni.

4 Nganikhuphula ezweni laseGibithe,

nganihlenga endlini yezigqila,

ngathuma phambi kwenu oMose, no-Aroni, noMiriyamu.

5 Bantu bami, ake nikhumbule

okwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi,

nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori,

nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali,

nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.”

6Ngiyakusondela kuJehova nginantoni,

ngikhothame kuNkulunkulu ophezulu, na?

Ngiyakufika ngiphethe iminikelo yokushiswa,

nginamathole amnyaka munye, na?

7 UJehova uyakwenamela izinkulungwane zezinqama

nezinkulungwane eziyishumi zemifula yamafutha na?

Ngiyakunika izibulo lami ngenxa yesiphambeko sami,

isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na?

8 Ukutshelile, muntu, okuhle;

uJehova ufunani kuwe,

kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa,

uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?

9Izwi likaJehova liyamemeza kuwo umuzi.

Ukwesaba igama lakho ngukusindiswa;

zwanini induku noyimisileyo.

10 Kusekhona inzuzo embi endlini yababi,

ne-efa* elincane eliqalekiswayo, na?

11 “Ukhona ohlanzekile onesilinganiso esibi

nesikhwama sezisindo ezikhohlisayo na?

12“Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova,

nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga,

nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.

13Ngalokho mina ngiyakugulisa ngokushaya,

ngikuchithe ngenxa yezono zakho.

14 Lapho udlayo, awuyikusutha,

kube khona ukulamba phakathi kwakho;

uyakususa, ungakhululi kodwa,

nokukhululayo ngiyakukukhaphela enkembeni.

15 “Uyakutshala, ungavuni kodwa;

uyakunyathela iminqumo, ungazigcobi kodwa ngamafutha,

nezithelo zomvini, ungaliphuzi nokho iwayini.

16Izimiso zika-Omri ziyagcinwa,

nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi;

nihamba ngamacebo abo;

ngalokho ngiyakunenza incithakalo

nabakhileyo khona into encimfelwayo;

niyakuthwala ihlazo labantu bami.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help