1Wayesethi uJehova kimi: “Hamba, uthande owesifazane othanda umngane wakhe, kepha oyisiphingi, njengokuthanda kukaJehova kubantwana bakwa-Israyeli, ababheka abanye onkulunkulu nabathanda imigodla yewayini.
2Ngakho ngazithengela yena ngamashekeli ayishumi nanhlanu esiliva nangehomere lebhali nengxenye yehomere lebhali.
3Ngasengisithi kuye: Uzangihlalela insuku ezinengi; ungaphingi, ungabi ngowenye indoda; nami ngiyoba njalo nakini.
4Ngoba abantwana bakwa-Israyeli bayohlala izinsuku eziningi bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenasithombe esibaziweyo, bengenasembatho sehlombe, bengenazithixo zasendlini.
5Emva kwalokho abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo; bayakumesaba uJehova nomusa wakhe ekupheleni kwezinsuku.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.