2 kuThimothewu 1 - The New Testament in Zulu

KuThimothewu 2-1

1UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu ngokwesithembiso sokuphila okukuKristu Jesu,

2kuThimothewu, indodana yami ethandekayo: Makube umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu.

3Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kokhokho ngonembeza omhlophe, ngokuba ngingaphezi ukukukhumbula emikhulekweni yami ubusuku nemini;

4Ngifisa kakhulu ukukubona, ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo;

5Nxa ngikhumbula ukholo lwakho olungazenzisiyo olwahlala kuqala kugogo wakho uLowisi lakunyoko uYunike; ngiyaqiniseka ukuthi nakuwe.

6Ngalokho ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikuwe ngokubeka izandla zami.

7Ngokuba uNkulunkulu akasinikanga umoya wokwesaba; kodwa ngamandla, lothando, lengqondo ephilileyo.

8Ngakho ungabi namahloni ngobufakazi beNkosi yethu, nangami isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela osizini lwevangeli ngokwamandla kaNkulunkulu;

9Owasisindisayo, wasibiza ngobizo olungcwele, kungeyisikho ngokwemisebenzi yethu, kodwa njengokwenhloso yakhe lomusa esiwuphiwa kuKristu Jesu ngaphambi kwezikhathi.

10Kodwa khathesi sibonakalisiwe ngokubonakala koMsindisi wethu uJesu Kristu, osechithile ukufa, waseveza ekukhanyeni ukuphila lokungabhubhi ngevangeli;

11engamiselwa ukuthi ngibe ngumshumayeli, nomphostoli, nomfundisi wabezizwe.

12Ngenxa yalokhu lami ngihlupheka ngalezizinto, kodwa kangilanhloni, ngoba ngiyamazi engikholiweyo, njalo ngiqinisekile ukuthi ulamandla okulondoloza lokho engikubeke kuye kuze kufike lolosuku.

13Bambelela endleleni yamazwi aphilileyo owawezwa kimi ekukholweni nangothando olukuKristu Jesu.

14Lokho okuhle okuphathisiweyo ukugcine ngoMoya oNgcwele ohlezi kithi.

15Uyakwazi lokhu, ukuthi bonke abase-Asiya bangifulathele; okukubo ngoFigelu noHermogene.

16INkosi mayiphe umusa endlini ka-Onesiforu; ngokuba wangiqabula kaningi, akabanga namahloni ngamaketanga ami;

17Kodwa kwathi eseseRoma, wangidinga ngokukhuthala okukhulu, wangithola.

18INkosi mayimnike ukuba athole umusa eNkosini ngalolo suku, nokuthi zingaki izinto angikhonza ngazo e-Efesu, uyakwazi wena kahle.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help